Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abadobi
Mathewu 4 : 21
21 Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza.
Marku 1 : 16
16 Esahamba ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.
Marku 1 : 19
19 Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo.
Johane 21 : 3
3 USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho.
UJeremiya 16 : 16
16 “Bheka, ngiyakuthuma abadobi abaningi,” usho uJehova, “bababambise; ngemva kwalokho ngiyoletha abazingeli abaningi, futhi bayobazingela kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma nasemigodini yamadwala.
Mathewu 4 : 19
19 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngizanenza nibe ngabadobi babantu.
Leave a Reply