*UKUKHOLWA OKUKHULU 1* Kwafika induna yekhulu kuJesu icela ukuphulukiswa kwenceku yayo wathi uJesu uzohamba ayoyiphulukisa, wabe esetshela uJesu ukuthi angahambi kunalokho makathumele izwi futhi inceku yayo izosinda. Le nduna yekhulu yayingumuntu ongaphansi kwegunya futhi yayazi ukuthi igunya lisebenza kanjani. Wayazi ukuthi igunya lisebenza emingceleni yakho. Lokhu kusho ukuthi yonke into emikhawulweni yakho bekumele iphendule kuwe ukuthi ukhona noma awukho, inqobo nje uma unegunya phezu kwayo. UJesu waphendula ngokuthi unokholo olukhulu. Pho yini eyenza izinduna zekhulu zaba nokholo olukhulu? Kwakuwulwazi ayenalo lokuthi igunya lisebenza kanjani. Ekukholweni kobuKristu, umzuzu uvuswa olwazini lwegunya lezwi likaNkulunkulu futhi silisebenzise lapho-ke siyohlala sisebenza ngokukholwa okukhulu. Enye yezinto ezenza ‘ukholo olukhulu’ ulwazi lwezwi likaNkulunkulu. UmKristu ongenalwazi ngalokho okushiwo yizwi likaNkulunkulu uyohlala esebenza ngokukholwa okuncane. Ngaso sonke isikhathi lapho ukhula olwazini lwezwi likaNkulunkulu, ukholo lwakho lukhuphukela phezulu lube mkhulu. Halujah inkazimulo kuNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi lapho uhlala ezwini futhi wanda olwazini lwezwi likaNkulunkulu, ukholo lwakho luhlala luphakeme kakhulu futhi uzohlala unezimpendulo ngoba ukholo olukhulu luhlala lunezimpendulo ezisheshayo haleluya inkazimulo kuNkulunkulu. *Ukufunda okwengeziwe:* Mathewu 8:5-10, 2nd Petru 1:5, *Umkhuleko:* Baba ngiyakubonga ngokuba ngalololwazi ukholo lwami seluvele lwandile, ngisebenza ngokukholwa okukhulu ngoba ngiyalazi izwi lakho futhi ngiyakhula. nsuku zonke ekwazini uNkulunkulu kusuka ekukholweni kuye ekukholweni, inkazimulo kuye enkazimulweni ngegama likaJesu amen.
Leave a Reply