Lithini iBhayibheli enamahloni – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana enamahloni

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo enamahloni

1 kaPetru 4 : 16
16 Kepha uma umuntu ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni; kodwa makadumise uNkulunkulu ngakho.

2 kuThimothewu 2 : 15
15 Khuphela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.

KwabaseRoma 1 : 16
16 Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.

1 kaJohane 1 : 9
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

2 kuThimothewu 3 : 5
5 benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla ako bewaphika;

2 IziKronike 7 : 14
14 Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

1 kwabaseKorinte 1 : 17
17 Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize.

KwabaseRoma 5 : 8
8 Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *