Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo engenathemba
Amahubo 34 : 17 – 20
17 Abalungileyo bayabiza, uJehova uyezwa, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18 UJehova useduze kwabanenhliziyo eyaphukileyo; futhi usindise ababuthakathaka benhliziyo.
19 Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20 Uyawalonda onke amathambo akhe; akekho kubo ophukile.
KwabaseFilipi 4 : 6
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
IsAmbulo 21 : 4
4 UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.
2 kwabaseKorinte 12 : 9
9 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho-ke ngizathokoza ngokuthokoza okukhulu ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
KwabaseFilipi 4 : 19
19 Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.
KwabaseRoma 15 : 13
13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
Johane 14 : 27
27 Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;
1 kwabaseKorinte 6 : 19 – 20
19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
20 Ngokuba nathengwa ngenani;
KwabaseFilipi 4 : 13
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
Leave a Reply