Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo enakekela umfundisi
KwabaseGalathiya 6 : 6
6 Ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo ofundisayo ezintweni zonke ezinhle.
1 kwabaseThesalonika 5 : 12 – 14
12 Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, abaniyalayo;
13 nibazise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Futhi nihlalisane ngokuthula.
14 Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.
1 kwabaseKorinte 9 : 9
9 Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi lapho ibhula amabele. UNkulunkulu uyazinakekela izinkabi na?
1 kuThimothewu 5 : 8
8 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
EkaJokobe 3 : 1
1 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
Leave a Reply