Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eMahanayimi
UGenesise 32 : 2
2 Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.
UJoshuwa 13 : 26
26 kusukela eHeshiboni ukuya eRamatimispa naseBetonimi; kusukela eMahanayimi kuze kufike emngceleni waseDebiri;
UJoshuwa 13 : 30
30 Umkhawulo wabo wasukela eMahanayimi, lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, nayo yonke imizana yaseJayire eseBashani: imizi engamashumi ayisithupha;
UJoshuwa 21 : 38
38 Esizweni sakwaGadi, iRamoti kwaGileyadi nedlelo layo, umuzi okhululekileyo wokucekwa; neMahanayimi nedlelo layo,
2 Samuweli 2 : 12
12 U-Abineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bosheti, indodana kaSawule, baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.
2 Samuweli 17 : 29
29 nezinyosi nebhotela nezimvu noshizi ezinkomo zikaDavide nabantu ababe naye ukuba badle; ngoba bathi: Abantu balambile, badiniwe, bomile enkangala.
1 Amakhosi 2 : 8
8 Bheka, unawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngesiqalekiso esibi mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza eJordani, ngafunga kuye uJehova, ngathi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’
Leave a Reply